12/04/2024
Uzogwetshwa mhlaka 31 May 2024 unobhala we EFF, u Marshall Dlamini.
Inkantolo yase Cape Town imuthole enecala unobhala weqembu le EFF, ulahlwe icala emva kokuthi washaya iphoyisa lasephalamende ngempama ngo mhlaka 7 February 2019 kwi State of the Nation Address. Kuthiwa wathela u Johan Carstens ngempama kwaze kwahlephuka izibuko zakhe.
Inkantolo izokhipha isigwebo mhlaka 31 May 2024, emva kokhetho.