29/10/2026
KUGWETSHWE ABELISA ABAYISHUMI NGOXHAXHA LWAMACALA OKUBAMBA INKUNZI
INkantolo yesiFunda eThekwini igwebe amadoda ayishumi iminyaka ewu-245 isiyonke, ngamacala okubamba inkunzi amabhizinisi ezindaweni ezahlukene eThekwini phakathi kuka-2017 no-2019.
Abamangalelwa abagwetshiwe nguThabiso Mdletshe, Philani Magongo, Wonder Brilliant Mcwabe, Michael Nxumalo, Khanyisani Thusi, Lindani Ndlovu, Thokozani Mdlalose, Sandile Ngcobo, Sabelo Shandu no-Andile Mchunu.Kuthiwa labelisa babengena ezitolo bezenza abathengi, bese bekhipha izibhamu besabisa onogada nabasebenzi. Bantshonthse imali, omakhalekhukhwini, izingubo nezinye izimpahla.
Amaphoyisa aqala uphenyo ngemuva kokubikwa kwamacala, kwathi abasolwa baboshwa ngo-2019.Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi uSurekha Marimuthu ubize ofakazi abangu-27, okubalwa kubo ongoti bezigxivizo zeminwe, abasize ekuxhumaniseni abasolwa namacala.
UMarimuthu ucele inkantolo ukuthi ikhiphe izigwebo eziqinile, wathi amacala ayebucayi futhi ehlelwe kahle, kanti ezinye zezigameko zenzeka emini ngesikhathi izitolo zigcwele abantu.UMdletshe ugwetshwe iminyaka engu-41, uMagongo iminyaka engu-10, uMcwabe engu-31, uNxumalo engu-24, uThusi noNdlovu ngamunye engu-18, uMdlalose engu-30, uNgcobo engu-21, uShandu engu-25 kanti uMchunu ugwetshwe iminyaka engu-27.Izigwebo zihlangene zenza iminyaka ewu-245.
Uphiko lwezokushushisa kwamacala omphakathi iNPA izamukele lezi zigwebo, yathi ubugebengu bokubamba inkunzi bubeka izimpilo zabasebenzi nonogada engcupheni futhi buphinde bube nomthelela emabhizinisini nasemnothweni.